Amaphupho S1 Ep4 | Ukuphupha uthenga imoto | Ukudla izibiliboco | Dr Mlondi - Inyanga yabantu

Amaphupho S1 Ep4 | Ukuphupha uthenga imoto | Ukudla izibiliboco | Dr Mlondi - Inyanga yabantu
Please Do Subscribe, Like, Comment and Share for More Visuals and Updates
okuhle nomusa kukulandele zonke izinsuku zokuphila kwakho

Пікірлер: 37

  • @ellainebanda6676
    @ellainebanda66762 ай бұрын

    Khona ongiphuphelile ngithenga imoto entsha egarage

  • @sthedhladhla9123
    @sthedhladhla91233 ай бұрын

    Njalo mina ngiphuma bengintshontshela imonto njalo

  • @user-ii2jf7ey8r
    @user-ii2jf7ey8r8 ай бұрын

    Ngihleli ngiphupha u Makhumalo wakwa Mseleku 😢but ngathi ngisa mbingelela kwa Facebook wavele wangi block 😢😢😢

  • @thulisilekhumalo4493
    @thulisilekhumalo4493 Жыл бұрын

    Thokoza Mkhulu Ukuphupha uthengelwa imoto ngabe khuchazani Mkhulu

  • @ntuthukolloyd3592
    @ntuthukolloyd35922 жыл бұрын

    Sawubona. Mina ngiphuphe umama wami ongasekho emhlabeni kungathi uyaphila, after lapho ngambona sekaphuma igazi ngomlomo. Kwasuka futhi ngambona sengathi ithuna lakhe liphazamiswa yiTLB kwavele kwavuleka ibhokisi lakhe ngambona elele kulo. Ngyabonga.

  • @theembintombela7389
    @theembintombela73893 жыл бұрын

    Thokoza Mkhulu Amaphupho mabili,ngiphupha ngigibele ilift/elevator/ikheshi, sekukathathu elandelana . Elinye kusuke kuyimoto ehambayo,abanye badilike,but Mina ngisale phakathi(imoto iisuke ingashayelwa yimina)❤

  • @NufliqOnline

    @NufliqOnline

    3 жыл бұрын

    1. UKUPHUPHA IKHESHI a. Uma uphupha ugibele ikheshi likhuphuka; wuphawu oluhle - kusho ukuthi uzoba nempumelelo enkulu kukho konke okwenzayo futhi uzothuthuka kakhulu emsebenzini wakho nasempilweni. 2. UKUPHUPHA IMOTO a. Uma uphupha ugibele imoto; wuphawu olusho inqubekela phambili nempumelelo uma ihamba kahle futhi ingahluphi endleleni b. Futhi kungasho ukuthi uncike kakhuku kubantu ukuze ufeze okufanele ukufeze empilweni.

  • @nhlanhlangwaqa6587
    @nhlanhlangwaqa65872 жыл бұрын

    Ngiphuphe ngiku date ngidla ukudla kwe restaurant but sise khaya nomfana. Futhi kke ngiloko ngiphupha ngidla, ukudla nje okumnandi okungu kudla

  • @slieslindy2822
    @slieslindy28222 жыл бұрын

    Sanibonani. Ngicela ukubuza kusho ukuthin ukuphupha ingane yakho is iqala ukukhasa. Izama ukusukuma.

  • @slieslindy2822
    @slieslindy28222 жыл бұрын

    Ngicela ukubuza futhi ukuthi Uma uphuphe I TLB enkuuuulu idiliza intaba yayicaphuna kanye yaba uhhafu okwesibili yavele yagibela phezu komuzi... Wakwamakhelwane wonke at once yawugandaya

  • @thembimncube4065
    @thembimncube40653 жыл бұрын

    Kuyancomeka okwenzayo Mkhulu

  • @NufliqOnline

    @NufliqOnline

    3 жыл бұрын

    We Thank You, Thembi. the Good and Mercy shall follow you.

  • @zamazama129

    @zamazama129

    3 жыл бұрын

    Thokoza mkhulu ngiyabong ngezelulenkozakh camagu

  • @mlondidlamini1398

    @mlondidlamini1398

    3 жыл бұрын

    Amen 👏👏

  • @zamazama129
    @zamazama1293 жыл бұрын

    Thokoza mkhulu celukubuza umangabe uphupha sengathi uthenge umuzi lizelibuye nkabili

  • @NufliqOnline

    @NufliqOnline

    3 жыл бұрын

    1. UKUPHUPHA UTHENGA INDLU Indlu ephusheni imvamisa iwuphawu lwakho, noma imindeni engakuvikela, noma amakhaya, isimo, ubunikazi njalonjalo. Ukuphupha ngokuthenga indlu kukhombisa ukuhamba ngendlela kwezinto kwi career yakho noma ukuhamba kahle kwezinto zakho. (a)Ukuphupha uthenga indlu kukhombisa ukuthi uzothuthuka emakhonweni onawo. (b) Indoda engashadile uma iphupha ithenga indlu kungasho ukuthi izoshada iqale umsebenzi wayo kungekudala. (c) Owesifazane ongashadile amaphupho akhe okuthenga indlu angakhombisa ukuthi uzomthola uMnu. Right, futhi asebenze ngokuzinza nangokuthula. (d) Abantu abashadile uma bephupha bethenga indlu kungasho ukuthi umphuphi uzophambana / uzohilana/uzoxabana kabi nesithandwa sakhe, noma kungasho ukuthi izingane zabo kufanele zizimele. (e) Uma usebenza uphuphe uthenga indlu lokhu kungasho ukuthi umphuphi uzothola ukukhushulwa emsebenzini aphinde akhokhelwe imali ethe xaxa 2.UKUPHUPHA UTHENGE INDL (a) Ukuphupha uthenga indlu kungasho ukuzibophezela kwakho ekuhlanganiseni okuthile empilweni yakho. (b) Ukukhetha ukwenza okuthile kube okujwayelekile kuwe noma kungasho ukuthi usebenze kanzima ukuthola okuthile. (c) ukuthenga indlu entsha kungasho ukuthi wenze iphutha noma uzokwenza iphutha that you are/will be stuck with. Be blessed Zama Zama

  • @mlondidlamini1398

    @mlondidlamini1398

    3 жыл бұрын

    Inhlanhla leyo lisho impumelo kunezinto okumele bakuphe zona abadala abangasekho okuyisibusiso.

  • @mphoramaswiela
    @mphoramaswiela3 жыл бұрын

    Nice and short...

  • @NufliqOnline

    @NufliqOnline

    3 жыл бұрын

    thank you

  • @nombuleloratjie4850
    @nombuleloratjie48502 жыл бұрын

    Ngiphuphe ngibhalela i learners

  • @zamazama129
    @zamazama1293 жыл бұрын

    Thokoza mkhulu siyabong ngezelulenko zakh

  • @mafutychristina6819
    @mafutychristina68192 жыл бұрын

    Sawbona dokotela kusho ukthini umuphupha umuntu ekuthengele ukudla kodwa kukuplastiki

  • @lebohangngcombolo128
    @lebohangngcombolo1283 жыл бұрын

    Kushokuthini phupha ubukwakabi amadoda ogawazi

  • @NufliqOnline

    @NufliqOnline

    3 жыл бұрын

    1. UKUPHUPHA UMUNTU ONGAMAZI EKUGQOLOZELE a. Uma uphupha ukuthi kukhona umuntu/abantu abakugqolozele; wuphawu olusho ukuthi unethemba lokuthi umuntu/abantu athile bazobukeka ngendlela yakho noma bazobukela kuwe. Futhi kungabuye kusho ukuthi kungenzeka ubhekene nokukhathazeka noma unokuziqhenya. b. Uma uphupha umuntu/abantu bekubuka; wuphawu olumele imizwa yokubaluleka noma ukunakwa kakhulu kunokujwayelekile.

  • @lungelomajola7522
    @lungelomajola75223 жыл бұрын

    Ukuphupha i-Ex yami ithi asambe iyongithengela imoto masihamba ifike inginike ukhiye yemoto oyiCard ngithi mina kusho bani ukuthi ngithanda lemoto evulwa ngalokhiye oyiCard angiyithandi.....ngabe lokho kuchazani?

  • @muzimtolo7915
    @muzimtolo79153 жыл бұрын

    Thokoza Mkhulu, angi phuphanga ngiyithenga, kodwa ngiphuphe UBaba wami (ose khona emhlabeni) engi jabulela engi halalisela ngemoto entsha engiyi thengile, ngabe lokho Kuya wenza yini umehluko kwelami iphupho?

  • @NufliqOnline

    @NufliqOnline

    3 жыл бұрын

    (1) UKUPHUPHA UBABA (a) Uma uphupha ubona ubaba wakho kusho ukukwazi ukufeza inhloso yakho noma uma kungukuthi udinga usizo kusho ukuthi usizo ozolithola luzovela kumuntu ongamlindele. (b) Uma uphupha ubona ubaba wakho kungukuthi ulinde ukubuya kothile ohambweni, kusho ukuthi lowo muntu uzofika kungekudala. (c) Uma unobudlelwano obukhulu nobaba wakho empilweni yangempela leli phupho lingasho ukuthi abanye abantu bazokuxhasa noma bazokweseka ukuze uqhubekele phambili. (2) UKUPHUPHA UTHENGA IMOTO (a) Uma uphupha uthenga imoto entsha wuphawu olusho ukuthi udinga ukuthuthukisa ukuzethemba kwakho. Ukuthenga imoto entsha kumele ukuvuleka kweminyango yekusasa eliqhakazile noma eyamathuba amasha. Mhlawumbe uzothola ukukhushulelwa esikhundleni noma uzothola umsebenzi omusha. (b) Uma uphupha uthenga imoto entsha wuphawu olusho ukukwazi ukufeza isifiso sakho noma ukuxazulula inkinga yakudala. (c) Uma uphupha uthenga imoto kuhlale kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi uzokwazi ukubuyisa isikhundla sakho esilahlekile empilweni yangempela. (3) UKUPHUPHA UHALALISELWA (a) Uma uphupho udunyiswa noma uhalaliselwa kusho ukuthi kungenzeka ukuthi utotoswe empilweni yangempela. Leli phupho lisho futhi ukuthola isikhundla esiphakeme emsebenzini wakho, noma endaweni osebenzela kuyo. (b) Uma uphupha unconywa noma uhalaliselwa ngumzali/abazali ngenxa yempumelelo yakho wuphawu olukhombisa ukuthi ugxile noma uzogxila kakhulu emsebenzini wakho - ube uziba izidingo zomndeni wakho, kungaba isexwayiso mayelana nezinto ezimbi ezingahle zikwehlele uma uqhubeka nalo mkhuba. SUMMARY Iphupho lisho ukuthi ungahle ukhohlwe isidingo somndeni wakho ngenxa yokugxila emsebenzini noma entweni ethile ebalulekile kuwe noma unake/uzonaka impumelelo yakho kunokuka umndeni wakho - lokho kuzoba nomthelela omubi ngokuhamba kwesikhathi. INKOSI ithel’umuisa

  • @nkosinathingidi3726
    @nkosinathingidi37263 жыл бұрын

    Thokoza.... Kusho ukuthini ukuphupha ugijima ulibele undiza kancane bese uhlangana noMama wakho ebukeka sengathi uyagula ekekho right empilweni?

  • @makhumalokhumalo9407
    @makhumalokhumalo94072 жыл бұрын

    Sitabonga

  • @khethiwesikhakhane6473
    @khethiwesikhakhane64733 жыл бұрын

    Ngiphuphe ngigumuke amazinyo

  • @NufliqOnline

    @NufliqOnline

    3 жыл бұрын

    UKUPHUPHA AMAZINYO APHUKILE (a) Uma uphupha amazinyo aphukile; wuphawu olukhombisa ubuhlungu bokulahlekelwa okuthile okubalulekile kuwe. Kungenzeka njengamanje uhlangabezana noma uzohlangabezanea nezinguquko empilweni yakho, ungazelele nongeke wakwazi ukuzigwema emsebenzini noma ebudlelwaneni nesithandwa sakho.

  • @sandrasindiswa6568
    @sandrasindiswa65683 жыл бұрын

    Kuright ukuphupha udla while yoy are pregnant?

  • @ntakirutimanajohanfaustin1179
    @ntakirutimanajohanfaustin11792 жыл бұрын

    Sanibonani abacazi bamaphupho Ngicela ukubuza ukuthi Uma uphupha uthenga injini yimoto kuchaza kuthini?

  • @okuhlemchunu3148
    @okuhlemchunu31483 жыл бұрын

    Thokoza mkhulu cela ukubuza mangabe uphuphe uhamba ngemoto ebomvu phinde futhi uphuphe kufika abangani bakho befika bezokubona nezimoto ezibomvu. Ngabe kuqonde ukuthini?

  • @NufliqOnline

    @NufliqOnline

    3 жыл бұрын

    (1) UKUPHUPHA IMOTO (a) ukuphupha uthenge/uthenga unyanyavu lwemoto kusho isimo senhlanhla (b) uma ushayela imoto, ingakuhluphi, ingagijimi kabi, ukwazi ukuyilawula, ihamba kumzila omuhle, futhi nawe ungethukile, ujabulile noma ukhululekile kubukezela ukuthi ukuhanjelwa izinto kahle/uzohanjelwa izinto zakho esikhathini esizayo. (c) Futhi uma ushayela imoto ihamba kabi, ingalawuleki, nawe uthukile, kusho ukubheda kwezinto. izinto zakho zizokuhambela kabi. isimo sisobheda. kunezinto ezizophuma esandleleni ungakwazi ukuzilawula. (2) UKUPHUPHA IMOTO EBOMVU (a) Ukubona imoto ebomvu ephusheni lakho kungasho UGQOZI NENTSHISEKELO yokufeza ama-goals/something of value maduze. (b) imoto ebomvu ephusheni ikhombisa ukuthi uzoba nokuzethemba, amandla, nokuthatha izinyathelo ezinqala, nokwethembeka kuzo zonke izingxenye zempilo yakho. (c) Uma uphupha ushayela imoto ebovu ihamba kahle ingagijimi kungasho ugqozi lokuphumelela futhi lisho inqubekela phambili ezifisweni zakho/ezintweni ozenzayo. (2) UKUPHUPHA IMOTO EBOMBU KANOKUSHO Mayelana nezimoto zikanokusho, ikakhulukazi ama-Ferraris abomvu ango-1980 noma ezinye izimoto zemidlalo ezinophawu/zikanokusho zazithandwa kakhulu. (a) Ukubona imoto ebomvu kanokusho ephusheni lakho kukhombisa ukuthi uzokwenzela abanye izinto ezinhle kakhulu. (b) Kungasho futhi ukuthi uzizwa uphonselwa /ubhekene nenselelo futhi kungenzeka ukuthi wehluleka ukuzilawula ezintweni ezithinta imali/umnotho/noma izinto ezingamagugu. (c) Imoto kanokusho (noma ngabe umbala onjani) imele ukuthi unezinto/izindlela eziningi zokwenza imali. (d) Imoto ebovu nakuba ikhomba okuhle ihamba kahle kepha futhi uyaba isexwayiso ngezinto ezithile on your journey of attainment. Iphupho lakho lichaza ukuthi isimo senhlanhla ezokwengama - uzokwazi ukuba nenqubekela phambili uphumelele kokwenzayo futhi kunabantu abazokweseka kepha uqaphele kungabi nabantu abazokwenzela phansi. Be blessed

  • @mlondidlamini1398

    @mlondidlamini1398

    3 жыл бұрын

    Ukuphipha uhamba ngemoto Uma nje ihamba impumelo yakho iya phambili but Uma imile ziyabheda okusho ukuthi nalaba abafike ngazi kungenzeka kube isifo Uma seziningi Kodwa Lona lisho inhlanhla ezayo

  • @sandrasindiswa6568
    @sandrasindiswa65683 жыл бұрын

    Kuright ukuphupha udla while yoy are pregnant?