Uma ungumthandi wemidlalo kamabonakude uyamazi uNkanyiso Mchunu ngamava akhe kwezika qedisizungu.

Музыка

Sikhuluma nomlingisi osemnkantshubomvu uNkanyiso Mchunu odabuka eMbali ePietermaritzburg. UNkanyiso ungumlingisi osezakhele igama eNingizimu Afrika ngekhono lakhe lokulingisa. Kulesiqephu usilandisa ngempilo yakhe, ukukhula kwakhe ePMB ekhuliswa umawakhe engekho ubaba kanye nokuba umlingisi.
Uthi ngonyaka ka-2004 wahlaselwa isifo sokungaboni. UNkanyiso uthi ngesikhathi enza uGrade 10 ngo-Nhlolanja 2004 , wavuka engasaboni emehlweni. Wahamba odokotela kanye nabantu besizulu kodwa akasizakalanga ndawo. Kwahamba kwahamba kwazibuyela kodwa yikho ke ukuthi akasaboni kahle. Uthi ukungaboni kwahe kwayishintsha indlela abuka ngayo impilo, ingakho egqugquzela abantu ukuthi uma kunento ofisa ukuyenza, isona sikhathi manje ngoba awazi ukuthi ikusasa likuphatheleni.
Usixoxela ngothando lwakhe lwe-Theatre (umdlalo wasesiteji). "Into engiyifundile njengomlingisi ukuthi kumele ubenomqondo wengane ngoba ukulingisa kuyafana nomdlalo" kusho uNkanyiso. Uthi usifiso sakhe njengamanje ukubuyela kwaNdongaziyaduma ngoba ukholelwa ukuthi iTheatre iningi kakhulu khona ukunaseKZN.
Kulesiqephu siphinde sabheka ukuthi ikuphi esingakwenza ukuthuthukisa imboni yezokulingisa KwaZulu-Natali. Kuningi esikufunda kuNkanyiso kulengxoxo.
#UkhoziFM #NkanyisoMchunu

Пікірлер: 13

  • @NonjabuloShangase
    @NonjabuloShangase10 ай бұрын

    Siyabonga Ku Khozi FM TV ngokusilethela amaciko anjengo Nkanyiso ukhulumile umfana onendlebe uzwile

  • @zonkezulu
    @zonkezulu4 ай бұрын

    Kuzozonke izindawo aka act kuzo uyangibusisa ❤❤

  • @hlakaniphilezungu9355
    @hlakaniphilezungu9355Ай бұрын

    Humble😊

  • @nonhlanhlamkhwanazi7632
    @nonhlanhlamkhwanazi76329 ай бұрын

    Ngyayithanda lensizwa yooh❤

  • @khulekaninyuswa721
    @khulekaninyuswa7218 ай бұрын

    There's alot of talent in PMB... Professional soccer players, actors and musicians👌🏾 Shoutout PMB

  • @user-jo3cb9wr1y
    @user-jo3cb9wr1y8 ай бұрын

    Syabonga kukhozi FM🙏sibonge nakuwe wemaVico ukusilethela umkhululi😂❤❤❤❤🙏

  • @SidoMadela
    @SidoMadela10 ай бұрын

    Siyabonga uKhozi fm nawe MaCele. Kaade ngiyifuna le ntsizwa.

  • @ntokozon5279
    @ntokozon52796 ай бұрын

    Nitshele ngamacolours to wear 🔥

  • @Uerdhivbkiiiiii
    @Uerdhivbkiiiiii10 ай бұрын

    Mkhululi wezoni

  • @sthembinkosiqulu
    @sthembinkosiqulu10 ай бұрын

    Ndabezitha 👏

  • @user-gs6ut8cq8m
    @user-gs6ut8cq8m6 ай бұрын

    Nabo ke aboMacingwane bangempela...Viva nsuzwa efundile Viva😂😂😂

  • @brianluthuli4662
    @brianluthuli466210 ай бұрын

    I am totally agree with Nkanyiso but unfortunately abasemandleni bahudula izinyawo please hulumeni wakwa Zulu Natal stand up and fight for your province

  • @user-ju9tm1eh5f
    @user-ju9tm1eh5f4 ай бұрын

    #NELISWACELEUKHOZIFM

Келесі